Sphamandla Gumede
Ingwazi eyaduma kwiKaizer Chiefs eminyakeni eyedlule uRobson Muchichwa ubona kuwumqondo omuhle ukuthi uSamir Nurkovic noGaston Sirino babizwe kwiBafana Bafana.
Emasontweni amabili edlule, umgadli weChiefs uNurkovic, ongowokudabuka eSerbia wavuma ukuthi engajabula kakhulu uma iSAFA ingamuthinta mayelana nokudlalela iBafana.
USirino naye sekunesikhathi emataniswe nesikwati yize engowokudabuka e-Uruguay.
“Sekuyisikhathi sokuthi siyeke ukuzitshela, sizame ukusebenzisa abadlali abadabuka emazweni angaphandle. Baningi abadlali e-Afrika abafisa ukudlalela iNingizimu Afrika. Abadlali baseNingizimu Afrika kumele bawabone amathuba abahleli nawo.
IZimbabwe izibekisele ngendawo kwi-AFCON kodwa iligi yakhona ibingakabuyi, akukho okwenzekalayo, lutho nje. Bangawafela amathuba afana nalawa,” kuchaza uMuchichwa.
UMuchichwa washaywa indiva yiBafana, waqoma ukudlalela iZimbabwe. Ebuzwa ukuba wayengathanda yini ukudlalela iBafana, lenkakha iphendule kanje:
“Nakanjani mfowethu. Kufana nokudlalela iNgilandi. Izinga labo lebhola liphezulu kakhulu. Akwenzekanga ukuthi ngidlalele iBafana kodwa angeke ngisakushintsha,” kuchaza uMuchichwa.