Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt ukhale ngezinqumo zikanompempe okhiphe uDaniel Akpeyi noSamir Nurkovic ngamakhadi abomvu emdlalweni weCAF Champions League ibhekene neWydad Casablanca ngoMgqibelo.
Yize iChiefs iqede ingaphelele, ithole umthobanhliziyo ngokunqoba ngo 1-0 eFNB Stadium.
Izinto ziqale ukubheda esiwombeni sokuqala unozinti uDaniel Akpeyi ekhishwa ngekhadi elibomvu ngesizathu sokubamba ibhola ngezandla engaphandle kwebhokisi.
UHunt umvikelile u-Akpeyi, wabeka icala kwisitobha u-Amine Farhan weWydad ngokuba nesandla ekutheni uSamir Nurkovic akhishwe ngekhadi elibomvu.
“U-Akpeyi ulahlekelwe umqondo, akabonanga ukuthi ubekephi nenkundla. Kuyenzeka unozinti angaboni kahle. Umbuzo ukuthi ibhola beliya emapalini yini? Angiboni kanjalo. Bekuyibhola elishaywe IWydad? Chabo, ibhola beliziyela phambili. Angiwazi umthetho kahle. Ikhadi elibomvu noma eliphuzi?
UNurkovic naye ukhishwe ngekhadi elibomvu umdlalo usuzophela.
“Uma kuthiwa ikhadi elibomvu limfanele, kumele uvume. Kodwa kubuhlungu futhi kuyaphoxa ukuthi lokho kwenzekile. Angifuni ukuphawula ngendlela uNurkovic athole ngayo ikhadi elibomvu kodwa ngiphoxekile. Kumele kube neqiniso emdlalweni, belingekho iqiniso kulomdlalo, lokho kuyaphoxa kakhulu.
UNurkovic no-Akpeyi bazophuthelwa umdlalo wamaqoqo eCAF Champions League wokugcina uma iChiefs isitholana neHoroya AC eConakry ngoMgqibelo.