Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola kuYouTube, uJunior Khanye, usecula elinye iculo ngebhola likaManqoba Mngqithi ayethe uzoxoshwa ekuqaleni kwesizini.

UMngqithi usefake ibhola elisheshayo kwiDowns elihambisana namagoli ngemuva kokunikezwa izintambo zokuqeqesha. USomaqhinga weDowns, uFlemming Berg, wayekuvezile ukuthi ufuna iqembu elidlala ibhola elisheshayo elingezukucoba abalandeli ngamaphasi angenasidingo. UMngqithi ungene wafaka leli bhola kwiDowns, noma evuma ukuthi wakhe phezulu komsebenzi oshiywe wuRhulani Mokwena eChloorkop.

Ngasekuqaleni kwesizini nokho akuhambanga kahle iSundowns ikhishwa yiStellenbosch kwiMTN8, okwenze abaningi bamungabaze uMngqithi, okubalwa kubo noJunior Khanye owathi izinsuku zakhe zibaliwe.

Njengoba sekuhamba kahle manje, uKhanye usevumile ukuthi washaya eceleni.

“Kufanele ngimncome uManqoba,” kusho uKhanye ekhululuma kwi-iDiski TV.

“Sengike ngamgxeka phambilini, kodwa ngicabanga ukuthi usewushintshile umqondo wabadlali.

“Kunesivinini esisheshayo phambili manje. Uma iSundowns ike yangena ohlangothini lwakho, iyashesha ebholeni futhi izokuqeda. Akuvamile ukuthi ubonge laba badlali beshaya ibhola phezu kwamapali ngoba bashaya into ethule phambi kwepali, namaphasi abo mahle.

“Uma ngikhulua iqiniso nje ngigculisekile ngendlela iSundowns edlala ngayo, icacile. Buka ngisho amagoli abawashayile emdlalweni ewu-10 edlule, acishe afane, nendlela abadlali ngayo iyonkomba yokuthi abadlali bayahambisana namaqhinga.”

ISundowns ivalele amagoli awu-14 emdlalweni emine edlule. Okuqaphelekile ngayo ukuzwana kwabadlali baphambili okunguTashreeq Matthews, Iqraam Rayners noLucas Ribeiro.

NgoLwesithathu (23 October) izobhekana neRoyal AM emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld ngo-19.30.