Sphamandla Gumede

Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker uthi kumphoxile ukubona iqembu lakhe liyeka ukunqoba yize lihambe phambili amahlandla amabili libhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weDSTV Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Umdlalo uphele ngo 2-2 eFNB Stadium. IStellies ihambe phambili ngegoli likaNathan Sinkala ngomzuzu ka-72. Ngemuva kwemizuzu emihlanu, uLeonardo Castro ungqofele enethini elokulinganisa.

Bekungekho ukuphumula njengoba uPhathutshedzo Nange eshaye igoli elenze iStellenbosch yahamba phambili ngo 2-1 ngomzuzu ka-83. IChiefs iphinde yabuya sekusele imizuzu emihlanu kuphele umdlalo, uNkosingiphile Ngcobo eshaya elokulinganisa.

Ekhuluma nabeSupersport TV sekuphele umdlalo, uBarker ubeke kanje.

“Into engiyibonile ukuthi siyahluleka ukubamba imidlalo emizuzwini yokugcina. Kwezinye izikhathi sishaywa ubukhali bezimbangi phambi kwamapali. Kumele silungise lapho ekubambeni imidlalo ngoba siyakwazi ukushaya amagoli amahle.”

Lomphumela unyuse iStellenbosch kwiligi, yahlala kunombolo 10 emidlalweni engu-21. IStellies silengela ezembeni njengoba sinamaphuzu angu-23, alinganayo naweBloemfontein Celtic, Baroka neChiefs.

“Ngiphoxekile ukuthi sihluleke ukunqoba ekubeni sihambe phambili kabili. Isiwombe sesibili besisezingeni eliphezulu, kungene namagoli ekhanda aseqophelweni elihle impela. Ngizobancoma abadlali ngokuzinikela kodwa kusamele silungise kwezinye izindawo,” kuchaza uBarker.

IStellies sinethuba lokulungisa amaphutha emdlalweni weligi ozoba ngoLwesihlanu uma sesibhekene naMaZulu eDanie Craven Stadium.