Sphamandla Gumede
Azojulukelwa amaphuzu amathathu eNew Peter Mokaba Stadium, njengoba kuzobhekana iqembu elisesicongweni seDSTV Premiership iMamelodi Sundowns kanye nomakoti abavika izembe kunombolo 15 iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM).
Umdlalo womzuliswano wokuqala phakathi kwalamaqembu ngo-Okthoba waphela ngo 0-0.
Umqeqeshi weSundowns uRulani Mokoena uthe nakanjani bazolwela amaphuzu amathathu.
“Abadlali sebekulungele ukudlala. Sibuya emdlalweni weChampions League, asijabule ngomphumela esiwutholile. Asijabuli uma sihluleka ukunqoba imidlalo, kuvele kuzifanele nokuthi sihluliwe uma sidlale ngokulingana. Siyazi ukuthi kumele sinqobe kulomdlalo. Siyazethemba,” kuchaza uMokoena.
ITTM isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu yeligi eyedlule. ISundowns yona ayikaze ihlulwe selokhu kuqale isizini. Ihleli esicongweni ngamaphuzu angu-40 ngemuva kwemidlalo engu-18.
“ITTM yenze izinguquko ngokuqasha uDylan Kerr. Kukhona abagadli ababukhali, banesivinini esidala ubungozi. Kukhona UThabo Rakhale, Mogakolodi Ngele noThabo Mnyamane. Laba badlali bayakwazi ukushintsha isimo somdlalo. Kukhona nabadlali basezinhlakeni abasheshayo, ngingabala umfana wethu uNicholus Lukhubeni.
Lomdlalo uzoqala ngehora lesithathu emini, uphinde ukhonjiswe kuSuperSport Channel 202.
Bayiqembu elihle, kumele sibagade. Sibabhekile, badlala ngokushesha, kumele sikhande amathuba umdlalo usaqala. Lomdlalo ubalulekile kakhulu. Kuzoba nzima kodwa Siya kulomdlalo sinamathemba okunqoba,” kuchaza uMokoena.