Sphamandla Gumede

Isethenjwa somgadli kwiBloemfontein Celtic uNdumiso Mabena usesayine inkontileka entsha yeminyaka emithathu. 
Lezi zindaba ziqinisekiswe yiCeltic ngoLwesibili.

Inkontileka kaMabena ibizophela ngoJuni 2022 kodwa iqembu lisebenze ngokushesha livalela amanye amaqembu okungenzeka ukuthi abemgaqele. 

“IBloemfontein Celtic imemezela izindaba eziqinisekisa ukuthi uNdumiso Mabena uselule inkontileka yakhe esizophela ngoJuni 2024. Uhambo lusaqhubeka,” kubhala iCeltic esitatimendeni. 

UMabena (33) usengomunye wabadlali abadala eqenjini kusukela ajoyina ngo-2017 esuka kwiPlatinum Stars. 

Eminyakeni emine kwiPhunya Selesele, uMabena usedlale imidlalo engu-107, washaya amagoli angu-25, wakhanda angu-15.

Izindaba zokuhlala kwalomdlali eBloemfontein kufanele zijabulise abalandeli baleliqembu njengoba linenkinga kwezezimali, okungaholela ekutheni lidedele abadlali abambalwa uma kuphela isizini.