Intatheli Yezemidlalo 

Owayengumqeqeshi weBafana Bafana ngaphambilini uSteve Barker uthi inhlangano yebhola kuleli iSAFA kumele ixoshe uMolefi Ntseki, iqashe uPitso Mosimane noma uBenni McCarthy. 
IBafana ihluleke ukungenela umqhudelwano we-AFCON 2021 njengoba ishaywe iSudan ngo 2-0 eKhartoum ngeSonto.

IBafana ibidinga iphuzu elilodwa ukuze izozibekisela indawo eCameroon kodwa akubanga njalo. 
UBarker uthi wayevele ekulindele ukubona uNtseki ethwala ubunzima esihlalweni sokuqeqesha iBafana. 

“Ngihlezi ngisho ukuthi kumele uqashe abaqeqeshi abanerekhodi lokunqoba izindondo. Angimzondi uMolefi Ntseki, unomoya omuhle, unezinhlelo ezinhle kodwa akanazo izindebe ezimsekayo. Ngiyamzwela,” kuchaza uBarker ecashunwa abeTimesLive. 

Ngemuva komphumela wangeSonto, abalandeli bebhola bafuna ehambile uNtseki. UBarker usihlabile isinqumo seSAFA sokuqoka uNtseki njengomqeqeshi. 

“Kubi ngoba sinazo zonke izidingo ezingasiza ukuthi kuthuthuke ibhola lethu kodwa sikhishwe ngokushesha. Kuyihlaya. Izinga esilikhombisile alilihle neze. Iyihlaya lento. Awukwazi ukuqasha umuntu ongakaze awine lutho eqenjini lesizwe. Angicabangi ukuthi kukhona akunqobile, uma enazo izindebe, ngiyaxolisa,” kubeka uBarker. 

UBarker uthe kwakungcono iSAFA iqashe uBenni McCarthy noma uPitso Mosimane. 

“Kwakumele becabange uBenni noma umuntu ongakwazi ukushintsha izinto. UBenni wayezokwazi ukuguqula isimo. Usebuya khona esigabeni sebhola esikhokhelayo. Uyibekile induku ebandla esikwatini engumdlali futhi wenza kangcono engumqeqeshi. Uyena ongasiyisa phambili. Kuyimanje unqobe indondo yomqeqeshi ovelele ngenyanga edlule.
Wenza kangcono engumqeqeshi. Abantu bayamuzwa futhi banentshisekelo ngoba usebuya khona ebholeni,” kubeka uBarker. 

Lenkakha eyayihola iBafana ngo-1996 inqoba isicoco se-AFCON, ithi akuubhekwe abanye abaqeqeshi abanohlonze noma kubuyiswe uPitso Mosimane oseke wabamba ngo-2011. 

“Sinabo abaqeqeshi ekhaya, kumele sibakhokhele ukuze iqembu lizokhuphuka. Asibaseke. Okubalulekile ukuthola imiphumela, asithole uBenni noma sibuyise uPitso Mosimane one rekhodi elihle e-Afrika. 

“Bakhona abaqeqeshi asebewine izindondo. Ithalente likhona. Ukhona uShakes Mashaba, nayo obhekane nezingqikamba ehola iBafana. Kumele bahlanganiswe bonke asebeke baqeqeshi iBafana. Bakhona abadlalai abasezingeni futhi nohlelo esilusebenzisayo lulungile,” kuchaza uBarker.