Sebeqalile ukunkwankwaza ontabakayikhonjwa ngendondo yeBallon d’Or njengoba sekuqala ukucaca ukuthi umdlali waseGibhithe uMohammed Salah usethubeni elihle lokuyinqoba njengoba evutha bhe kule sizini.
Umdlali wokugcina odabuka e-Africa owanqoba le ndondo wuGeorge Weah ngo-1995.
USalah unamagoli awu-30 emdlalweni ewu-39 uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano adlala kuyo kule sizini. KwiPremier League ugila izimanga njengoba enemagoli awu-25 nama-assist awu-17 emdlalweni ewu-28.
Ngisho naye lo mdlali uzishaye isifuba ngemuva komdlalo wakamuva neNewcastle United abayigxobe ngo 2-0 ezivuma ukuthi akaze adlale kuleli zinga phambilini.
Ukunqoba kweLiverpool kuyibeke phambili ngamaphuzu awu-13 esicongweni sePremier League. Abaningi bathi sekufana nokuthi iLiverpool isiqede konke ngesicoco seligi.
Noma kunjalo nokho, seziqalile izinkulumo zokungabaza uSalah.
Okushaqisa, umuntu wokuqala odale ungabazane ngoSalah yinkakha yeLiverpool engakaze isinqobe isicoco seligi, uJamie Carragher.
UCarragher ngempelasonto edlule uzwakale ethi lo mdlali usefomini enhle impela kodwa okuzophazamisa amathuba okuthi anqobe iBallon d’Or wukuthi ungowase-Egypt futhi ngeke alithole ithuba lokunqoba umqhudelwano omkhulu neqembu lesizwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi le ndondo isivame ukunqotshwa wumdlali odlale kahle eqenjini lakhe naseqenjini lesizwe.
Umbono kaCarragher usuphikiswe abaningi abamsole ngokubukela phansi i-Africa Cup of Nations (AFCON) okuwumqhudelwano i-Egypt engenza kahle kuwo kulo nyaka njengoba useMorroco futhi nabadlali bayo besefomini enhle.
Empeleni uCarragher kufana nokuthi uthe ngisho engawunqoba lo mqhudelwano uSalah, awukho ezingeni eliphezulu ngakho ke ngeke ubale, ngokwakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi noma anqoba i-AFCON uSadio Mane ngalowo nyaka wagcina elale isibili ohlwini lweBallon d’Or eyanqotshwa wuKarim Benzema. UMane wayengasinqobanga isicoco seligi ngaleyo sizini kanti futhi wayeshwebile nakwiChampions League. Okwamenza abekwe phezulu ukuthi wanqoba i-AFCON, walekelela neLiverpool ukuthi inqobe iFA Cup ne-EFL Cup noma yagcina iqede kunombolo 2 kwiligi.
Umdlali owanqoba nokho, uBenzema, washaya into ecokeme kwiligi nakwiChampions League okwanqotshwa yiReal Madrid. Akushongo lutho ukuthi akalidlaleli iqembu lesizwe.
USalah uma ezonqoba iligi neChampions League, aphinde asize i-Egypt ifinyelele okungenani kowamanqamu we-AFCON maningi amathuba okuthi ayidle le ndondo. Kuzomsiza ukuyinqoba i-AFCON, kodwa akungenziwa engathi abadlali emlandweni weBallon d’Or bekuphoqa ukuthi benze kahle nasemaqenjini esizwe.