Inkakha yeKaizer Chiefs uPollen Ndlanya isiphakamise imibuzo ngokuthi ubani osayinisa abadlali eNaturena yaphinde yaveza isifiso sayo sokuthi kubuyiswe u-Arthur Zwane kwesokuqeqesha.
Engxoxweni ne-iDiski Times, uNdlanya uthe ukhathazekile ngokungaziboni izinkakha zeChiefs ezinhlakeni zayo njengoba kwenzeka kwiMamelodi Sundowns.
“Abalandeli beKaizer Chiefs batotoswe kakhulu, bafuna ukunqoba ngaso sonke isikhathi. Kodwa umbuzo wami uthi obani abahlola ikhono, besayinise laba badlali na?”
“Ngijwayele ukulinganisa ngeSundowns. Uma ubuka abantu abasayinisa abadlali khona, zinkakha zakhona ezifana noMambush, Surprise Moriri kanye noGodfrey Sapula ezenza leyo msebenzi.”
“Lokhu ngabe kuyenziwa yini kwiKaizer Chiefs? Angicabangi kanjalo. Obani ababasayinisela abadlali ngoba kudingeka abantu abazobona abadlali abanekhono, abadlali abangadlalela amaqembu amakhulu,” kusho uTrompies.
UNdlanya ugcizelele okwashiwo omunye owayedlalela iChiefs ngokuthi iqembu kumele liqashe abantu abake balidlalela. UJunior Khanye, osehlaziya ibhola kuYouTube, naye wathi Amakhosi kumele alandele ezinyathelweni zeSundowns ngendlela okuthengwa ngayo abadlali.
“Akuqashwe abadlali ababedlala kahle, abalwaziyo nosiko lweqembu. Isibonelo nje, uTeko Modise ukwiSundowns, kuno Hlompho Kekana, uTiyani Mabunda, uSurprise Moriri kanye noGodfrey Sapula,” kusho yena uJunior Khanye.