Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena usekhuze abalandeli baleli qembu ngokuhhewula abadlali njengoba benzile kuBrian Onyango ngoLwesibili.

U-Onyango wenze iphutha emdlalweni weSundowns neSekhukhune izolo eliholele kwipenalty evalelwe yiBabina Noko kulo mdlalo ogcine uphele ngo 2-1.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRhulani uthe abalandeli babuye bazenze abantu abangenawo amaphutha.

“Akumele nakancane sikuvumele ukuphathwa kwabadlali ngale ndlela. Akwamukelekile nakancane. Laba badlali benza konke okusemandleni futhi bayazinikela, futhi ibhola wumdlalo wamaphutha.

“Abanye babo [abalandeli] bahhewula uBrian Onyango ngokwenza iphutha, uma ungabalandela emsebenzini usuku olulodwa…uzowathola amaphutha. Uzothola amaphutha ngisho ezimpilweni zabo emakhaya.”

U-Onyango ubeqale emuva no-Coetzee noLebusa esikimini ebesishintshile njengoba uRhulani elungiselela umlenze wesibili wesemi-final yeCAF Champions League, engoLwesihlanu.