Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi isibhaxu sika 6-0 abasidedele kwiTS Galaxy siwumyalezo kubalandeli ‘abasangabaza’ umsebenzi abawenzayo embangweni wesicoco seBetway Premiership.
URelebohile Mofokeng uvalele amagoli amathathu iBucs ibukisa ngeTS Galaxy eMbombela Stadium ngeSonto ntambama.
Amanye amagoli avalelwe wuTshepang Moremi, Komogelo Sebelebele, elinye kwaba yi-own goal kaMlungisi Mbunjana.
Lo mphumela ubeke iBucs kunombolo 1 ngephuzu elilodwa, kodwa iMamelodi Sundowns inomdlalo esandleni.
“Sibe nomdlalo omuhle, ofana nomyalezo kubantu abanongabazane ngokuzinikela kwethu, nokuzinikela kwabadlali,” kusho yena ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Ngihlale ngisho, akekho omuntu eqenjini lethu ongena enkundleni ebheke ukuthi sidliwe noma sithola idraw. Kunabantu okufanele bakukhumbule ukuthi bonke abadlali bayalijulukela ijezi. Sivalele amagoli ayisithupha namhlanje ngenxa yabalandeli bangempela – njalo uma sidlala kuleli dolobha sesekwa kahle.
“NaseThekwini ngingasho okufanayo…ngeshwa kunabalandeli abasazwakalisa ukungenami uma abadlali begeja noma uma sidlale idraw, akubona abalandeli bangempela labo. Uma abalandeli beseka kahle iqembu, abadlali bazinikela ngokuphelele.
“Sithumele umyalezo namhlanje wokuthi sizolwa kuze kube sekugcineni.”