Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates uMandla Ncikazi selinxuse abalandeli beZimnyama ukuthi bengawuvumeli umoya ‘wokuhlukana’ ungene phakathi kwabo njengoba besembangweni wesicoco seBetway Premiership.

UNcikazi ubeke kanje ngaphambi komdlalo wePirates neTS Galaxy oseMbombela Stadium namhlanje ngo 15:30 ntambama.

Emdlalweni odlule iBucs ilahle amaphuzu ibanjwa yiSiwelele ngo 1-1, okushiye abalandeli abaningi benganeme njengoba sekunovalo lokuthi iMamelodi Sundowns ingase iphinde isithathe isicoco seligi. IBucs isele ngamaphuzu amabili njengamanje kwiSundowns esesicongweni, kodwa uma inqoba namhlanje izoyedlula ngephuzu elilodwa.

“INelspruit ihlale indawo enzima eqenjini lethu kodwa sihlalelwe wumsebenzi wokuzama ukuqoqa amaphuzu ezweni lonke,” kusho uNcikazi kwi-video ye-Orlando Pirates.

“Isicelo sami nje wukuthi sibumbane uma sibhekene namanye amaqembu, seseke iqembu…

“Asingavumi umoya wokuhlukana phakathi ukuthi ungene phakathi kwethu naseqenjini lethu, kuyasithokozisa ukubona abalandeli beseka iqembu futhi abadlali nabaqeqeshi bazokwenza konke okusemandleni ukujabulisa abalandeli.

“Sizoya laphaya siyolwa, ngokwezinhlelo zomdlalo ngiyazi abadlali bazokwenza abalandeli baziqhenye ngeqembu.”