Umdlali we-Orlando Pirates oshaye ihat-trick begqiba iTS Galaxy ngo 6-0 eMbombela Stadium uthi ukugxekwa abalandeli ngokugeja amathuba kubafakele ugqozi ngaphambi komdlalo wayizolo.
Ngemuva kwamagoli ayizolo, uMofokeng usenamagoli ayisikhombisa kwimidlalo yeBetway Premiership, okusho ukuthi usesele ngamagoli amane kuphela kuJunior Deon onamagoli awu-11 embangweni weGolden Boot.
IPirates izifake ngaphansi kwengcindezi ilahla amaphuzu emdlalweni odlule ibambana ngo 1-1 neSiwelele FC. Ekhuluma ngemuva kokubekwa njengomdlali obashaye amakhanda bonke abanye emdlalweni wayizolo, uMofokeng ubeke kanje:
“Ukugxekwa kusifakele umfutho. Phakathi nesonto besilungisa phambili ngoba iyonandawo esishode kuyo emdlalweni odlule.
“Kufanele senze kangcono phambi kwamapali, okuyinto esiyenzile namhlanje [izolo].
“Kufanele siqhubeke sizame ukwenza kangcono, siqhubeke sikore amagoli…kuzosisiza ekupheleni kwesizini.”
Lo mdlali uqhube wathi uchithe isonto lonke eziqeqesha phambi kwepali, ngakho ubone kumsebenzela njengoba evalele amagoli amathathu emdlalweni owodwa.