Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi ngo-2026 bazodlalela ukuqonba kwasani ephambi kwabo, abala kukho isicoco seBetway Premeirship neNedbank Cup.

IPirates kule sizini isiqoqe iMTN8, Carling Knockout Cup neCarling Black Label Cup, kodwa u-Ouaddou uthi basakufuna konke okusele.

“Konke okusele – iligi, neNedbank Cuo, sizodlalela ukukunqoba.” kusho u-Ouaddou.

“Asikho isidingo sokuthi sikufihle lokho. Kufanele siziveze, sikhimbise ukuthi siyakwazi ukulwela oimiqhudelwano. Ngeke kube lula futhi kuzofanele senze umsebenzi wethu ngokuthobeka.

“Lokho ngihlale ngikusho kubadlali bami, ukuthi uma siyeka ukuzikhandla senze izinto ngobuvila futhi singawuhloniphi umzimba nebhola, nebhola kanye nomzimba wakho ngeke kukuhloniphe.

“Sizophumula kamnandi manje ngoba abadlali basebenze ngokuzikhandla. Ngiyaziqhenya ngabakwenzile futhi ngifisa babuye ekhefini besanogqozi.

“Uma sizolala, kunamaqembu amahle kwiPSL azosidlula.”

IPirates isiyoze idlale ngonyaka ozayo ngoJanuary 24 lapho izobhekana khona neSekhukhune United.