Ukapteni weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, uthi ahamba kahle amalungiselelo omdlalo wabo weCAF Champions League ne-Al Ahly.
ISundowns izobhekana nezinkunzi zase-Egypt eCairo ngoMgqibelo ngo 21:00 kumdlalo okulindeleke ukuthi ushube njengoba i-Al Ahly ivule ngenduku kuGroup B emdlalweni wayo ne Al-Hilal.
“Wonke umuntu usekulindele ngabomvu ukubhekana nelinye lamaqembu amakhulu e-Africa. Ngicabanga ukuthi lomdlalo usungabalwa kwimdlalo emikhulu kwiCAF Champions League,” kusho u-Onyango.
“Okungijabulisayo ukuthi sizobhekana nabo ngemuva kokuqoqa amaphuzu ayisithupha. Ukubhekana ne-Al Ahly ekuhambeni akukho lula kusukela esikhumulweni sezindiza kuya ehhotela nasenkundleni esizodlala kuyo ngoba iyiqembu elikhulu. Sidinga ukunqoba lo mdlalo ukuze sizofinyelela kumaphuzu awu-9, lapho siyobe sesazi ukuthi sekusele kancane sizibekisele indawo kuma-quarterfinal.”
ISundowns iyishaye kabili ngesizini edlule kwiCAF Champions League i-Al Ahly.