Umqeqeshi weSekhukhune United, uBrandon Truter, uthi ufuna amaqembu eDStv Premiership egcine esekujwayele ukushiya amaphuzu amathathu uma edlala nabo ePeter Mokaba Stadium.

UTruter uthi amaqembu uma ebavakashele kumele okungenani ahambe nephuzu elilodwa kuphela uma engawashiyanga onke.

“Sifuna ukugcina irekhodi lethu lasekhaya. Sifuna ukuligcina ukuze amaqembu azi ukuthi uma eza la asuke ezothola iqanda noma iphuzu elilodwa, asifuni ukushaywa ekhaya,” kusho uTruter.

“Kuhamba kahle njengamanje, abafana kumele baqhubeke nokudlala ngale ndlela, bazethembe. Sisakha iqembu okwamanje, kunezinto esisazama ukuzilungisa ukuze sizodlala kangcono.”

“Kubalulekile ukuthi siqhubeke nokuqoqa amaphuzu ukuze sihlale kwi-top 8.”

ISekhukhune izobhekana neCape Town City ngoMgqibelo ngo 17:30 ntambama.