Ukapteni weMamelodi Sundowns, uDenis Onyanga, ucela abalandeli beSundowns ukuthi baqhubeke nokweseka iqembu ngesizini ka-2022/2023 ngokuphuma ngobuningi babo beze ezinkundleni. 

Engxoxweni ne-website yeSundowns u-Onyanga uzwakalise ukubonga kubalandeli beSandawana ngokubaseka kumasizini edlule bedla izicoco ngapha nangapha. 

“Ngesikhathi kuvulwa izinkundla abalandeli baphuma ngobuningi babo, ikakhulukazi kwiMTN8, babesiphusha kuyo yonke imidlalo saze sayinqoba. Nakwiligi, Nedbank Cup kanye neCAF Champions League bebenathi” 

“Sidinga ukuqhubeka sibagquqguzele ukuthi beze ezinkundleni ngoba ukuseseka kwabo kubalulekile eqenjini. Sikholwa wukuthi sizonqoba ezinye izinkomishi nakwisizini ezoqala,” usho kanje. 

ISundowns iqinise iskwati ngokusayiniswa kwabadlali esingabala kubo uSipho Mbule noAbubeker Nasir Ahmed, okungase kuhehe abanye abalandeli abafisa ukubabona bukhoma bedlalela iDowns. Okunye okuzojabulisa abalandeli beSandawana ukubona ukuthi ikwazile ukugcina abadlali bayo abebeshisa ngesizini edlule njengomgadli uPeter Shalulile obekuvela ukuthi angase aye kumazwe aphesheya. 

“Sesiyilindele ngabomvu isizini ezoqala, izoba mnandi ngoba amaqembu athenge abadlali abasha. Sidinga ukunqoba iChampions League manje ngoba sekunesikhathi siyifuna,” usho kanje.