Inkakha ye-Orlando Pirates, u-Innocent Mayoyo, ayiboni ephumelela eNingizimu Afrika umqeqeshi waseSpain, uJose Riveiro, onikezwe isikhundla sokuqeqesha Ezimnyama. 

UMayoyo uzwakalise ukungenami ngokuqashwa kukaRiveiro engxoxweni nephephabhuku lebhola, iKick-Off, elazisa ukuthi bebelindele ukuthi kuqashwe uPitso Mosimane noma uBenni McCarthy. Bobabili laba baqeqeshi bebemataniswa neBucs njengoba abalandeli bayo bengagculisekanga ngomsebenzi owenziwe wuMandla Ncikazi noFadlu Davids, oseshiyile. 

“Ngisho engaqhamuka eSpain, iqiniso ukuthi uzodinga isikhathi. Ngaphambi kokuthi afundise abadlali amaqhinga akhe, kumele aqale afunde usiko lwePirates, abadlali bayo kanye nemqhudelwano edlala kuyo ngoba akazi lutho ngale ligi. 

“Besilindele ukuthi umsebenzi unikezwe uBenni, Pitso noma uDan Malesela. Kodwa manje kuza uRiveiro nokwakhe, uzosibangela ukhwantalala, bese eyaxoshwa, kuqashwe omunye umqeqeshi wangaphandle, kuphinde into efanayo,” usho kanje. 

UMayoyo uthe uNcikazi noDavids bebengayazi indlela izinto ezenziwa ngayo kwiPirates.

“Bekumele sithathe owayedlalela iPirates, njengoMalesela. Bekuzothi sesibuyela e-Africa ebe esevuthiwe. URiveiro kuzomthatha izinyanga eziwu-24 ukuthi anqobe inkomishi yakhe yokuqala kwiPirates. Ngeke awine lutho kule sizini. Uzoxoshwa uma esebeke iBucs kunombolo 12, ilapho esizobona khona ukuthi akaliyisi ndawo iqembu.