Ngesikathi AmaZulu ememezela ukuthi adedela abadlali abawu-15, abalandeli abaningi bazwakalisa ukukhathazeka ngokwehla kwezinga leqembu ebelidlala kwiCAF Champions League ngesizini edlule. Usuthu ludedele abadlali okubalwa kubo oXola Mlambo, Luvuyo Memela, Augustine Mulenga, Thabo Qalinge noSiphelele Mthembu.
Umqeqeshi uBrandon Truter ubukeka efuna ukugxila kubadlali abasakhula ebholeni lakuleli njengoSphesihle Maduna, Sandile Khumalo, Lindokuhle Zungu no-Olwethu Mzimela.
AmaZulu aqine iskwati ngokusayina abadlali abanamava kwiDStv Premiership oGabadingo Mhango (Orlando Pirates), Dumisani Zuma (Kaizer Chiefs) Augustine Kwem (TS Galaxy), Thendo Mukumela (Cape Town Spurs), Veluyeke Zulu noRiaan Hanamub (bobabili abavela kwi-Chippa United).
Laba badlali bazoletha umfutho omusha kuMaZulu, ozohluka kulowo owalethwa abadlali abasayiniswa ngesizini yokuqala ethengwe wuSandile Zungu. Ngaleso sikhathi Usuthu lwagxila kakhulu kubadlali abakhulile ngokwemnyaka, okwawasebenzela ngoba ayelwela ukungena kwiTop 8 kuphela, nokho agcina ephelele kunombolo 2, angena kwiChampions League. Ngesizini edlule AmaZulu awathenganga inqwaba yabadlali, aqina lapha nalaphaya.
Leso sinqumo asiwazinga AmaZulu njengoba eshaye udaka kwiChampions Leagu aphuma kuma-group stages, nasemdlalweni yeligi bekungambi kahle waze wakhonjwa indlela uMcCarthy, kwaqashwa uTruter.
Indlela athenge ngayo AmaZulu kulokhu kubeka ngokusobala ukuthi kwakhiwa iqembu elizoba yinkinga emaqenjini amaningi kwiDStv Premiership, futhi akwakhiwa iqembu lesizini eyodwa. Abadlali abathengwe AmaZulu iningi labo baneminyaka engaphansi kuka-26, kwase kufakwa nabanye abanesipiliyoni njengoGeorge Maluleke.
Ngesizini edlule Usuthu lukwaze ukushaya amagoli awu-24 kuphela emdlalweni ewu-28, okuyisibalo esingagculisi uma ubuka ukuthi leli qembu lishaye awu-38 ngesizini ka-2020/2021. Uhlobo lwabadlali abathengwe AmaZulu luzosiza ukuxazulula indlala yamagoli.