Unozinti weManchester United u-Andre Onana usephumele obala wavuma amaphutha akhe selokhe ejoyine leli qembu, uthi uzozama ukwenza kangcono.
Izolo u-Onana uphinde wadlisela kwigoli elibeke iBayern phambili emdlalweni weChampions League ogcine uphele ngo 4-3.
Ubeke kanje ngemuva komdlalo: “Kube yiphutha lami elidliselile. Ngemuva kwephutha lami silahle umdlalo ebesiwuphethe, imina ngedwa odliselile. Ngenxa yami asinqobanga, yinto okumele ngifunde kuyo. Kuningi okumele ngikulungise ngoba uma ngikhuluma iqiniso nje angiqalanga kahle kwi-Man United.”
Umqeqeshi we-United, u-Erik ten Hag, unqabile ukugxeka lo mdlali ngephutha lakhe, wathi badliwe njengeqembu, futhi bazolungisa izinkinga ababhekene nazo ndawonye.
🗣️ "Replacing David [de Gea] is not something easy…"
— Sky Sports News (@SkySportsNews) September 20, 2023
Andre Onana reflects on his first few games as Manchester United's new number one 🧤🔴 pic.twitter.com/6JzqbYHKzp
Okuzofakela u-Onana ingcindezi wukuthi uvale isikhala sikaDavid de Gea oshiye i-United enqobe iGolden Glove kwiPremier League ngesizini edlule.