Uphume esegadwe amaphoyisa ePeter Mokaba Stadium umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, kulandela ukushaywa yiSuperSport United ngo 1-0 koweDStv Premiership.

IChiefs isanda kuhlawuliswa ngesenzo sabalandeli abajikela lo mqeqeshi ngemuva kokushaywa nge-score esifanayo bebhekene neTS Galaxy ngenyanga edlule.

Izolo kuze kwangenelela imenenja yeqembu uBobby Motaung kodwa akusizanga. Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo uNtseki uthe abalandeli baziphathe ngale ndlela ngenxa yokungenami ngemiphumela.

“Baphoxekile ngioba babuka indlela esidlala ngayo, kulindeleke ukuthi sinqobe. Uma ungayiwini imidlalo efana nalena, nomdlalo wangesonto eledlule, kuyabaphoxa abalandeli.

“Noma bephoxekile, ngikholwa ukuthi sibe nomdlalo omuhle futhi badlale kahle abadlali, amaqhinga ethu asebenzile, sibe nebhadi lokungenelwa yigoli zisuka.”

IChiefs izothola ithuba lokujabulisa abalandeli bayo ngoMgqibelo uma isibhekene neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili kwi-semifinal yeMTN8.