Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uncome ezakhe ngokuyincisha amathuba okukora i-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership abawunqobe ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.
ISundowns isinqobe imidlalo ewu-7 ilandelana zisuka kwiDStv Premiership, okuyibeke emaphuzwini awu-31, ishiya iGolden Arrows, ekunombolo 2, ngamaphuzu ayisikhombisa.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uRulani uthe bekuwumdlalo onzima kodwa imjabulisile indlela abavale ngayo emuva.
“Ngicela ukubongela iSundowns edlale kahle emdlalweni obunzima sibhekene neqembu elihke. Abantu abaningi bebezitshela ukuthi sizodliwa namhlanje, abafana bami badlale kahle kakhulu.
“Besingaphansi kwengcindezi kwimizuzu yokugcina kodwa nje umdlalo besiwuphethe. Engikuthandile wukuthi noma bewakhile amathuba, angikhumbuli unozinti wethu edinga ukuvimba amashodi abo okuyinto engijabulisayo kakhulu.”
ISundowns izobhekana neKaizer Chiefs emlenzeni wesibili kwi-semfinal yeMTN8 ngoMgqibelo.