Owayengumdlali weReal Madrid neManchester United, uCristiano Ronalo uthi iSaudi Pro League isezingeni eliphezulu kuneMajor League Soccer (MLS) yase-USA.
URonaldo ubeke lo mbono kusaphele amahora ambalwa i-Inter Milan yethule uLionel Messi kubalandeli bayo.
Engxoxweni noFabrizio Romona uRonaldo uveze nokuthi ngeke esabuyela e-Europe.
“ISaudi League ingcono kuneMLS,” kusho uRonaldo.
“Ngingakuqinisekisa nokuyho ngeke ngisalidlalela iqembu lase-Europe. Ngivule indlela kwiSaudi League, bonke abadlali sebeza ngapha.
“Ngeke ngisabuyela kwibhola lase-Europe. Lowo mnyango sengiwuvalile. Lehlile izinga lebhola lase-Europe. Iyodwa iligi enebhola elisezingeni eliphezulu, iPremier League.
“ISpanish League yehlelwe yizinga kakhulu. Iligi yasePortugal ikahle kodwa ayikho ezingeni eliphezulu. Neligi yaseGermany kukhona okushodayo. Ngeke ngisadlala e-Europe.