Sphamandla Gumede

Umgadli we-AC Milan uZlatan Ibrahimovic uthi asikho isinqumo asesithathile mayelana nekusasa lakhe kuleliqembu.

U-Ibrahimovic (38) ushaye amagoli emdlalweni weSerie A beshaya iSassuolo ngo 2-1 eMapei Stadium ngoLwesibili.

IMilan ikhuphukele endaweni yesihlanu ngemuva kwalomphumela, okuyenza ibe nethuba lokungenela umqhudelwano we-UEFA Europa League ngesizini elandelayo.

Inkontileka yalomgadli izonqamuka ekupheleni kwesizini. Ebuzwa mayelana nalolu daba, u-Ibrahimovic uthe akukacaci ngekusasa lakhe.

“Ngisalelwe imidlalo emithathu, okuyizinsuku eziyishumi. Akekho oseke wangithinta futhi angilindele lutho eqenjini. Kunezinto esingakwazi ukuzilawula, kodwa lokho kuyangixaka kakhulu ngoba sikhombisa izinga eliphezulu manje. Sidlala ngokuzithemba okukhulu futhi siyakholelwa ebholeni lethu,” kuchaza lomgadli ecashunwa abeSky Sports.

Khona ngoLwesibili, umqeqeshi weMilan uStefano Pioli usayine inkontileka entsha yeminyaka emibili ezophela ngo-2022.

IMilan ihambela phezulu kwazise ayikaze ihlulwe emidlalweni elishumi selokhu kwabuya imidlalo yeSerie A. U-Ibrahimovic useshaye amagoli ayisishiyagalombilo (8) emdlalweni engu-17 kule sizini.

“Ngiyasebenza futhi neqembu lisesimeni esihle ngokwemiphumela. Ngifike sihleli endaweni yesibili uma kungeyona eyesithathu kwiligi, okuchaza ukuthi siyibambe ngakho,” kuchaza u-Ibrahimovic.

IMilan izotholana ne-Atalanta ngoLwesihlanu, emdlalweni ozobe ubhekwe ngabomvu kwazise lamaqembu asefomini kulezi zinsuku. Lomdlalo uzovusa amanxeba eSan Siro njengoba iMilan bayibhaxa ngo 5-0 ekuhambeni emlenzeni wokuqa