Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA isingeneleleli odabeni lokungaboni ngasolinye phakathi kwePremier Soccer League (PSL) neSouth African Football Association (SAFA) odabeni lokuqedelelwa kwesizini ka-2019/2020. USihlalo wePSL u-Irvin Kgoza ngeledlule ubeveze ukuthi bazodinga okungenani amasonto ayisithupha ukuqedela imidlalo yeligi ngaphmbi kokuthi kushaye usuku oluwumqamulajuqu abebevumelane ngalo neFIFA lokuphothula yonke imidlalo ngo-Agasti 31.

Lolu suku belubekwe ngoba kucatshangelwa ukuvulwa kwewindi lokudayiselana abadlali. IFIFA isibhalele iSAFA yaphasisa ukuthi zihlehliswe izinsuku zokudayiselana ngabadlali ngokunjalo nosuku lokuqala kwesizini ka-2020/2021.

“Sijabule ngesikwaziswa yiFIFA futhi sesiqalile ukulungiselela onondweba imidlalo,” kusho isikhulu esiphezullu seSAFA uTebogo Motlanthe. “Sinohlelo esilusebenzisayo lokubaqeqesha, sifisa ukwazisa wonke umuntu ukuthi bazobe bekulungele ukudlalisa imidlalo ngo-Agasti 1.”

ISafa ibeka kanjena nje, amaqembu ePSL awakasithathi isinqumo ngokubuyela enkundleni ngo-Agasti 1 kwazise abecele ukubuyela ngempelasonto edlule kwanhlanga zimuka nomoya iSAFA inqaba ukudedela onondweba ithi abekho ezingeni elifanele lokudlalisa imidlalo.

Kuvela ukuthi kunamaqembu angasazimisele ukuqhubeka nemidlalo ngenxa yezindleko zokuqinisekisa ezokuphepha kubadlali nabaqeqeshi kwiCovid-19 uma isiqhubeka imidlalo eGauteng.

Kulindeleke ukuthi ikomiti eliphezulu lePSL lihlangane namalungu alo eBoard of Governors kusasa ukuhlahla indlela mayelana nokuqhubeka kwemidlalo yeligi.