Sanele Dlamini
Kwangithusa ukubona iqembu umqeqeshi weManchester United aqala ngalo bebhekene neChelsea F.C emdlalweni weFA Cup ngempelasonto. Lo mqeqeshi washiya ngaphandla izethenjwa zabadlali okubalwa kuzo uMason Greenwood, Paul Pogba no-Anthony Martial. Ngeke kuphikwe ukuthi neChelsea yayithambisile kancame njengoba omabili lawa maqembu abebheke imidlalo ebibaluleki yeligi izolo ebusuku.
I-United emdlalweni weFA Cup yagcina idliwe ngo 3-1, okusho ukuthi umqeqeshi u-Ole Gunnar Solskjaer useziphuthisele ngokunqoba isicoco sakhe sokuqala kwiRed Devils e-England. Lisekhona ithuba lendebe kwi-Europa League, kodwa indlela isewumqansana kuyo futhi imidlalo yase-Europe izoqhubeka ngo-Agasti. KwiFA Cup ngemuva komdlalo weChelsea ukube yanqoba i-United ngabe isisalelwe yi-Arsenal kumdlalo wamanqamu…
Ngemuva kokulahla amaphuzu emdlalweni weCyrstal Palace noweSouthampton, izolo i-United iphinde yalahla amanye amaphuzu abulekile idlala ngokulingana neWest Ham kaDavid Moyes. Akuwona umphumela omubi kakhulu uma ubuka ukuthi i-United ayisadingi ukuwunqoba umdlalo wokugcina isidinga ukugwema induku nje, kodwa lokhu kubeka ngokusobala ukuhluleka kweqembu likaSolkjaer ukushayela isipikili emdlalweni ebalulekile.
Emdlalweni wayizolo emzuzwini elushumi yokuqala i-United ibiyicindezela ingaphezi iWest Ham, kodwa ngemuva kokuhluleka ukugqobhoza udonga, iThe Hammers igcine ingene igeyeni yawulawula umdlalo. UPaul Pogba, abaningi abambona njengenkosi yesisu uma edlala, uhluleke wancama ukuhlaba amabhola ayingozi emdlalweni, ngokunjalo noBruno Fernandes. Abagadli u-Anthony Martial no-Mason Greenwood bebengekho emdlalweni ngenxa yalokhu okubize ukuthi balokhe behle beyozilandela bona ibhola esisiswini.
Ngaleso sikhathi uDeclan Rice noMark Noble bebezicanasela esiswini beshanela kwasani.
Ukudlala kukaRashford kwesokunxele kuwuvulile umdlalo kodwa naye isikhathi esiningi usakhombisa ukungavuthwa kumabhola akhe okugcina.
Uma leli qembu lizimisele ngokushaya iLeicester emdlalweni wokugcina kuzomele lenze ngenye indlela njengoba libukeka lingenamgqigqo njengamanje. Nakwi-Uefa Champions League ngokunjalo ngesizini ezayo uma lizodlala kuyo, uSolkjaer kuzomele athole indlela yokuguqula umqondo wabadlali bakhe ababukeka bengakwazi ukudlala ibhola elisezingeni umdlalo wonke.