Obewumdlali weBrentford FC, uChristian Eriksen, usevumile ukujoyina iManchester United, ngokombiko weThe Athletic.
U-Eriksen ubemataniswa nokubuyela kwiTottenham Hotspur kulandela ukushaya ingcwenga yento edlalela iBees kulandela ukudedelwa yi-Inter.
Lo mdlali ube nama-assists awu-4 emdlalweni ewu-11, washaya negoli elilodwa esiza iBrentford ukuthi ivike izembe.
Kuthiwa usekhulumile nezikhulu zeMan United wazazisa ukuthi uzimisele ngokudlalela leli qembu. Kulindeleke ukuthi asayine inkontileka yeminyaka emithathu.
Kuvela lezi zindaba nje i-United ifakwe ilahle ezinqeni ngempelasonto uRonaldo etshela izikhulu ukuthi ucela ukudedelwa ngoba ubona iqembu lingabasayinisi abadlali abasha. Akukacaci ukuthi i-United izomvumela yini ukuthi ahambe uRonaldo, kodwa njengamanje kuvela ukuthi yiChelsea neBayern kuphela abasikaza ukumsayinisa.