ILamontville Golden Arrows icela imali engaphansi kuka-R3 million ngoPule Mmodi ofunwa yiKaizer Chiefs.

UMmodi ungomunye wabadlali okukhulunywa ngabo selokhu kuphele isizini njengoba emataniswa ne-Orlando Pirates naMaZulu. IChiefs iyona eseqhulwini kumaqembu afuna uMmodi kwazise nezingxoxo zilokhu ziqhubekile nabaphathi be-Arrows.

Imenenja kaMmodi uSolomon Seobe weSR Sports Management uyavuma ukuthi iChiefs iyamfuna lomdlali kodwa akanalo ulwazi ngekusasa lakhe.

Ekhuluma nabeDiski Times, uSeobe ubeke kanje:

“I-Arrows yelule inkontileka kaMmodi. AmaZulu akhulumile nami, afunde kwabezindaba ukuthi neChiefs iyamfuna, ahoxa ezingxoxweni.

Angazi kwenzakalani phakathi kweChiefs ne-Arrows. Ngicabanga ukuthi basakhuluma. Akukho engingakukhuluma ngePirates okwamanje.

IChiefs ne-Arrows yibona abazokhuluma ngemali efunekayo, uma bevumelana, ngizobe sengiqhamuka sengizodingida Udaba lwenkontileka. Ngizothola ulwazi oluphelele kulelisonto ngoba uMmodi uzoqala ijimu ne-Arrows,” kubeka uSeobe.

Kuvela ukuthi i-Arrows icele imali engaphansi kuka-R3 million kwiChiefs.