Ujabule uyafa ngokujoyina i-Arsenal umdlali waseBrazil uGabriel Jesus osethembise ukusiza leli qembu linqobe izinkomishi ngesizini entsha yePremier League.
UJesus uthi kuyamjabulisa ukujoyina iqembu elinabadlali abaziyo nabaqeqeshi aseke asebenza nabo phambilini. UJesus uzobe eqeqeshwa wuMikela Arteta, owayeyiphini likaPep Guardiolo kwiManchester City.
Usuka kwiCitizens nje ufuna ukuqinisekisa ukuthi uyadlala ngaphambi kweNdebe yoMhlaba eseQatar nonyaka. KwiCity ngesizini edlule uke washaya amagoli amane bebhekene neWatford. Enye yezinto emenze washiya kuleli qembu ukungadlaliswa kunombolo 9 awuthandayo, okuyindawo abezoyibanga no-Erling Halaand ngesizini ezayo.
“Ngiwunombolo 9, ngithanda ukudlala kunombolo 9 kodwa ngiyakwazi ukudlala nakwezinye izindawo phambili. Ngifuna ukusiza iqembu. Ngijabule ngokujoyina futhi kuyangithokozisa ukubona ukuthi ngizobe ngidlala nabanye abadlali baseBrazil,” usho kanje.
Kwi-Arsenal kungenzeka abange ijezi no-Eddie Nketiah okuphele isizini evutha engabaselwe phambi kwepali. Uthe ukulindele ngabomvu ukudlala naye kwazise bashaya icelebration efanayo uma beqeda ukukora.
UJesus unikezwe unombolo 9 oshiywe wu-Alex Lacazette obuyele kwiLyon.
Ngaphandle kuka-Jesus, i-Arsenal isisayinise nomdlali wasesiswini uFabio Viera obedlalela iFC Porto.