ITottenham Hotspur iyiqale kahle isizini ka-2023/24 ngaphansi kwesandla sika-Ange Postecoglou.
ISpurs besiqhwakele esicongweni se-English Premier League ngemuva kwemidlalo elishumi.
Izinto zijikile emidlalweni emibili eyedlule iSpurs sixetshulwa ngenduku ekhaya nasekuhambeni. Leliqembu libhaxabulwe omkhaya iChelsea ngo 4-1 lidlala selishoda ngabadlali ababili enkundleni.
IWolverhampton Wanderers ifike yasika iphethini nayo inqoba ngo 2-1. Womabili amagoli eWolves ashaywa esikhathini esengezwe unompempe.
U-Eric Dier, obelizwa ngendaba ijezi selokhu kuqale isizini, uthi iSpurs isengakwazi ukubanga isicoco neManchester City, Liverpool ne-Arsenal.
“Isizini isekuqaleni, luselude ukhalo. Nginesipiliyoni esingifundisile ukuthi kusengenzeka okuningi,” kubeka uDier obekhuluma kwiWeb Summit eLisbon.
UDier (29) usalelwe unyaka kwinkontileka yakhe, kanti usengaqala ukukhuluma namanye amaqembu amfunayo ngoJanuary.
Lomdlali, owakhulela ePortugal wadlalela neSporting Lisbon, uthi uyakufisa ukubuyela ekhaya kodwa angeke athembise ukusayina kwiSporting.
“Ngiyathemba ukuthi ngizobuya ngolunye usuku. Ngizobuya uma uNkosikazi ekhuluma nami. Kungenzeka sibuye sizohlala khona uma sengiwabeke ethala amakhokho.
Angeke nginqabe ukudlalela leliqembu. Ngihlale iminyaka engu-12 kwiSporting. IPortugal iyikhaya kimi. Ngithemba ukuthi ngizoqhubeka iminyaka ebholeni yize sengihlanganise engu-29. Ngizizwa ngisemusha,” kuchaza uDier.