Isihlabani seYoung Africans SC u-Aziz Ki sigxeke uMfundo Vilakazi weKaizer Chiefs oshaye izitayela enkundleni ekubeni ezakhe zilotsholwa ngo 4-0 emdlalweni weToyota Cup ngempelasonto.
U-Aziz Ki uvalele enethini amagoli amabili kulomdlalo, waqokwa njengomdlali ovelele.
Lomdlali uthi akakuqondi ukutayela okwenziwe uVilakazi ngoba iqembu lakhe belidliwa.
“Ngiyawuhlonipha umsebenzi wami, ibhola liwumsebenzi kimi. Ngizimisele ngokufunda nsukuzonke enkundleni. Angeke ubone uRonaldo (Cristiano Ronaldo) nabanye abadlali abasezingeni eliphezulu betayela ngebhola. Ukutayela kumosha isikhathi.
“Okumangazayo ukuthi bayadliwa kodwa unesikhathi sokwenza izitayela. Umsangano lento ayenzile. Ngiphatheka kabi uma ngibona abanye abadlali abasebancane betayela ebholeni. Akubukeki kahle,” kubeka u-Aziz Ki ecashunwa abeFAR Post.