Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ubona zihamba ngokohlelo izihlelo zakhe kulandela ukuvala ikhempu yase-Austria ngamawini amabili ngoLwesihlanu.

IBafana Ba Style ishaye into ecokeme ibhaxabula i-Al Arabi ne-Al Hilal kweyokungcweka ngosuku olulodwa. 

IDowns yayikade iqale ngebatha ithola isibhaxu ibhekene neSV Sandhausen neDynamo Kiev. Kwalandela umdlalo neCardiff City owaphela ngo 2-2. 

“Iqiniso ukuthi ukuhlulwa emidlalweni emibili akungiphathanga kabi. Ngiyavuma ukuthi iqembu lashaya udaka emdlalweni wokuqala. Kungenzeka abadlali babegqilazwe uhambo olude, saphinde sajima kakhulu sisanda kufika e-Austria. 

“Lokho kwasigqilaza ngoba sasibukeka sikhathele. Angiyibonanga inkinga sihlulwa yiKiev ngoba sakwenza konke emdlalweni futhi sakhanda inqwaba yamathuba. Ngabona kulowomdlalo ukuthi izinto seziyahlangana, nomsebenzi wabaqeqeshi usuyabonakala. 

“Iqembu lazikhandla umdlalo wonke, lokho kwangibonisa ukuthi liyabuya izinga labadlali. Bengifisa sithole eminye imidlalo emibili yokungcweka. Ngikholwa ukuthi iqembu liyadlondlobala, sekusondele sifinyelele ezingeni lethu elijwayelekile,” kuchaza uMngqithi ecashunwa yi-website yeqembu.

UMngqithi ubalule nokuzimisela akubona kubadlali abasebancane abathola ithuba emdlalweni we-Al Hilal.

“USales (Arthur) wenza umehluko esengenile. Ngangifuna ukubona ayengasinikeza khona ngoba izinga lakhe lisephansi kakhulu uma ngibheka umoya nomfutho awukhombisa ejimini. 

“USales ungumdlali ongayibheki inethi, sikholwa ukuthi uzolitakula iqembu. Abadlali abaqala umdlalo bangichazile nabo, saqalisa inqwaba yabadlali abasebancane esikimini.

“UKutlwano (Letlhaku) noThando (Buthelezi) badlala kahle kodwa ngizobalula uLesiba Nku owayedlala kwesokunxele emuva. 

“Bekubalulekile ukuhlola abadlali abasebancane uma bezodlala emidlalweni emikhulu, ikakhulukazi uma bezoyiqala. Bengifuna bajwayele ingcindezi noma bengihlelile ukuthi badlale imizuzu engu-30 kuphela,” kubeka uMngqithi.

ISundowns izovula isizini ngomhlaka 11 ku-Agasti emdlalweni weMTN8. Izotholana nePolokwane City eLucas Moripe Stadium.