Umgadli weMagesi omusha uGift Motupa uthembisa ukulibamba ngezandla zombili ithuba alinikezwe yiqembu, alwele ukubuyisa isithunzi sakhe ebholeni lakuleli.

UMotupa, omenyezelwe nabanye abadlali abayisithupha ngoLwesihlanu, uzibophezele ngokusiza iMagesi ifeze imibandela yangesizini ka-2024/25.

“Ngijabule ngokusayina kwiMagesi. Ngiyabonga kuSihlalo (Solly Makhubela) ngokunginikeza lelithuba. Ngiyamazi uSihlalo, yingakho ngingazange nginanaze ngesikhathi engicela ukuba ngisayine eqenjini. Kufanele ngikhombise ukuthi bengilifuna lelithuba.

“Okwesibili okubalulekile ukuzikhandla, ngiqinisekise ukuthi ngiyabuyela ezingeni lami ukuze ngizolwela isikimu ngaphandle kokuphazanyiswa izinkinga,” kubeka uMotupa ecashunwa abeSowetan.

UMotupa (29) ubelizwa ngendaba ijezi kwiMamelodi Sundowns eyagcina imdedelile ngoJanuary nonyaka. Wavumbuka kwiBaroka edlala kuMotsepe Foundation Championship kodwa washiya ngemuva kwamasonto ambalwa.

UMotupa uthi ukukhuhla ibhentshi kwiSundowns akuyona into eyamphatha kabi ngoba kwenzeka into efanayo esadlala kwi-Orlando Pirates.

“Angikaze ngicasulwe ukunyiwa isikimu ngoba lesimo ngabhekana naso kwiPirates. Ngiyaqonda ukuthi kunezimo ongeke uzilawule empilweni. Ngibhekana nezimo enginamandla okuzishintsha kuphela. Ukuhlala ebhentshini akusho ukuthi uyaboza.

“Ngiyakhumbula ngiqokwa njengomdlali ovelele kwiSundowns. Ngaqokwa njengomdlali ovelele kwenye inyanga ngisadlala kwiBidvest Wits. Ngiyaqonda ukuthi ezinye izinto zingaphezulu kwethalente lakho. Kunezimo ongeke uzilawule,” kuchaza uMotupa.

UMotupa uthi ukusebenzisana noClinton Larsen kuzobuyisa ifomu yakhe yakudala.

“Kuyangijabulisa ukusebenza nomqeqeshi ngoba unesipiliyoni esiningi eqeqesha kwamanye amaqembu. Kufanele ngizikhandle kakhulu ngoba ithalente nginalo. Akekho ongangiphuca ithalente lokushaya amagoli,” kubeka uMotupa.