Umqeqeshi ojike izinto kwi-Arsenal, uMikel Arteta, uthe usajabule ngokuba wumqeqeshi waleli qembu ngakho akayinaki imibiko emkhomba kwamanye amaqembu.

Muva nje u-Arteta ukhonjwa emsebenzini wokupheka iBarcelona okungayihambeli kahle hle ngaphansi kukaXavi. U-Arteta uthathe i-Arsenal wayifaka embangweni wesicoco kwisizini yakhe yesibili, futhi ibukeka izosilwela ngempela isicoco kuleli njengoba ikunombolo 1 kwiPremier League ngemuva kwemdlalo ewu-12. Bashiya iManchester City ngamaphuzu amabili.

Ebuzwa ngespani kwiBarcelona u-Arteta uphendule kanje:

“Ngijabule kakhulu ngokuqeqesha i-Arsenal. Ngicabanga ukuthi iBarcelona isendleleni efanele ngaphansi kwesandla somqeqeshi ophethe njengamanje, Umqeqeshi oyinkakha oseshintshe izinto selokhe efikile, kumele ukuhloniphe lokho.”

NjengoXavi, u-Arteta naye uphekwe yiLa Masia Academy ngaphambi kokuthi adlale ibhola elikhokhelayo. Uze wazakhela igama kwi-Everton ngaphambi kokuthi ajoyine i-Arsenal.