Istobha seLiverpool neNetherlands, uVirgil van Dijk, sithi bakhuluma umbhedo abasakhalaza ngobude bestobha seManchester United uLisandro Martinez.

Lo mdlali wase-Argentina olandwe kwi-Ajax, ubengaphansi kwengcindezi ngenxa yobude bakhe abahlaziyi abaningi bebhola bethu mufishane kakhulu ukuthi angadlala ucentre back kwiPremier League.

Usefike waluqinisa udonga lwe-United olwaluvuzisa okwembawula ngasekuqaleni kwesizini nangesizini edlule ikakhulukazi uma edlala noRafael Varane emuva.

“ABantu abasakhuluma ngobude bukaLisandro Martine bakhuluma umbhedo wodwa. Kuyasiza ukuba mude uma udlala emuva, kodwa selokhe efikile kwiPremier League udlala kahle.

“Isayinise kahle iMan United, uliphatha kahhle ibhola, uyazinikela, akukho okubi engingakusho ngaye.

“Kumele ngikuhloniphe asekwenzile selokhe efikile, ngiyethemba kuzomhambela kahle kwi-United, kodwa hhayi ngezindebe!”

“E-England abantu bayathanda ukugxeka ngayo yonke into kodwa ke ayikho into esingayenza ukushintsha lokho.”

UVan Dijk uthe ngokubona kwakhe akumele ngabe kusanomsindo ngalo mdlali.