Umnikazi weRoyal AM uShauwn Mkhize, useveze ukuthi umnyango usavaliwe kuJohn Maduka uma enesifiso sokubuyela eqenjini lakhe kulandela ukuxoshwa kwiMaritzburg United.
UMaduka ushaye into ecokeme ngesizini edlule kwiThwihli Thwahla kodwa waqoka ukuya kwiTeam of Choice ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023. Izinto azimhambelanga kahle eMphithi nokho njengoba iqembu liwukudla kwenduku kwiDStv Premiership kule sizini.
IRoyal AM nayo ayisafani kulokhu kodwa ayibozi njenge-United ekunombolo 16 kwi-log.
“Umqeqeshi Maduka usisebenzele kahle. Ngicabanga ukuthi kube yishwa okwenzeke kwiMaritzburg United. Okwamanje asimdingi umqeqeshi omusha,” kusho uMaMkhize ekhuluma kuKhozi FM.
Abaqeqeshi abakhona (uKhabo Zondo no-Abram Nteo) bahambe Nathi kukuhle kukubo, ngakho okwamanje asimthungathi umqeqeshi omusha.
“Okwamanje skiable, kodwa mhlawumbe izinto zisazoshintsha. UMaduka siyohlezi simcabanga.”