Sphamandla Gumede 

Umqeqeshi weChelsea uFrank Lampard ukhala ngezinqumo zeVirtual Assistant Referee (VAR), azibona zivuna iManchester United izikhathi eziningi kuneqembu lakhe kule sizini. 
ULampard usho lokhu nje lamaqembu azotholana phezulu emdlalweni owandulela owamanqamu weFA Cup eWembley Stadium ngeSonto ngo-7.

IMan Utd isihlule iChelsea kathathu kule sizini; kabili kwiligi kanye nasemdlalweni weCarabao Cup. IMan Utd isithole amaphenathi angu-13 kulesizini, okuyenza ibe yiqembu elihamba phambili ngamaphenathi avunwe yiVAR kwiPremier League. 

ULampard uthi ukholelwa ekutheni iVAR yalethelwa ukuba kungabi bikho ukwenzelelwa kwamaqembu amakhulu kodwa kuyamxaka ukubona amaRed Devils evunwa yiVAR ngendlela engafanele. 

“Uma ubheka emidlalweni edlule, abantu bangasho ukuthi izinqumo zeVAR zivuna iqembu elikhulu. Kungenzeka isizathu ingcindezi noma izinkulumo zabalandeli, angazi kodwa lezonsuku sezadlula. IVAR yafakelwa ukuletha ushintsho,” kuchaza uLampard ephendula izintatheli. 

IMan Utd iphinde yavunwa yiVAR emdlalweni weligi ngenkathi ihlula iCrystal Palace ngo 2-0 ngoLwesine. Umdlali wasemuva uVictor Lindelof udlale kabi uWilfred Zaha kodwa unompempe akafunanga ukubhekisisa okwenzeka kwiVAR. Emdlalweni we-Aston Villa, umdlali weRed Devils uBruno Fernandes uthole iphenathi, okuyisinqumo esixake abaningi njengoba kwabukeka eziwela kalula. 

“iVAR ilawulwa umuntu kodwa kufanele kwenziwe izinqumo. Okuxakayo ukuthi ezikhathini eziningi abafuni ukubheka izinqumo okubonakalayo ukuthi zicacile. Lokho kuyaxaka kakhulu. Ngibona ukuthi iVAR kumele icabangisise kahle. Kumele izinto zicaciswe kahle. Kodwa ezikhathini ezedlule, kubonakala ngathi iMan Utd ivunwa izinqumo ezibhedayo,” kusho uLampard. 

ULampard uthi akacabangi ngokuzophindiselela njengoba behlulwe yiMan Utd kathathu kulesizini.