Usemanzini umndeni weMeya yaseMvoti, uMnuz Philani Mavundla, kulandela ukutholwa kwesidumbu sendodana yakhe ebidukile ngesonto eledlule.
UNkosinathi Mavundla, 30, bekumele ahlanganyele noyise ohambweni lomndeni ngesonto eledlule kodwa wangafika. Isidumbu sakhe sigcine sitholiwe ngoMgqibelo, sekudlule izinsuku eziyisikhombisa edukile.
Ngesikhathi ethintwa yiSunday Tribune uMavundla, owumengameli we-Abantu Batho Congress, uthe basemanzini, wacela kukhulunywe nokhulumela umndeni uMnuz Sandile Mavundla.
“Umndeni uqale ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi engaveli ohambweni, baqala bambheka ngaso leso sikhathi. Ngeshwa angikwazi ukusho ukuthi utholwe kuphi njengoba amaphoyisa ecele ukuthi siyigodle imininingwane okwamanje ngoba kusaphenywa,” kusho uSandile ecashunywa yi-IOL.
Uthe okwamanje umndeni ngeke ukhulume nabezindaba ngoba udlula esikhathini esinzima.
Uthe kunzima ukududuza uMavundla njengamanje ngoba uchithe izinsuku nobusuku ethungatha indodana yakhe, okuphethe kabi eyithola isidlulile emhlabeni.