Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti uthi sebeqedile ngokusayinisa abadlali ngoba banesikwati esiqinile kuyo yonke indawo noma beshwebe uLeny Yoro ogcine ephelele ezandleni zeManchester United.

IMadrid, engompetha be-UEFA Champions League bangesizini edlule, kule makethe igcine yethule abadlali baphambili uKylian Mbappe no-Endrick njengabadlali bayo abasha.

Ibizama ukusayinisa uYoro obedlalela iLille, kodwa iMan United yayiphuca iqatha emlonyeni. U-Ancelotti uthi ngeke besawenza omunye umnyakazo.

“Ngeke sisambheka omunye umdlali wasemuva njengoba uYoro eye kwi-United. Sengisivalile isikwati, ngingakuqinisekisa ukuthi ngeke sisamsayinisa omunye umdlali,” kusho yena.

“UVallejo usebuyile, uDavid Alaba uyalulama, kunabadlali benkulisa isabaqaphile nabo, fiuthi siyabethemba.

“Angiboni bakhona abadlali abasazohamba ngoba akekho ofuna ukuhamba. Nginesikwati esinzima futhi sesiyilungele isizini entsha.”

IMadrid izobheka neqembu elaliphekwa wu-Ancelotti kudala, i-AC Milan ezintatha ngo-2:30 ekuseni. Izoqhubeka nokulungiselela isizini entsha ngomdlalo neBarcelona ngeSonto ngo-1 ekuseni.

Izobhekana ne-Atalanta kumdlalo wayo wokuqala kwi-UEFA Super Cup ngo-August 14.