Umgadli obolekiswe kuMaZulu e-Etiosa Ighodaro usephakamise imibuzo ngokunganikezwa ngisho elilodwa ithuba lokuziveza kwiMamelodi Sundowns.
Lo mgadli uzibophezele ngokuzikhandla eqenjini lakhe elisha yize engasiqondisisi kahle isinqumo sokubolekiswa isizini yesithathu kulandelana.
U-Ighodaro (23) ungumantunta nendishi selokhu asayina kwiSundowns ngo-2021 esuka kwi-Abuja College yaseNigeria.
Lomgadli wabolekiswa kwi-University of Pretoria (TUKS) esafika. Ubolekiswe kwiChippa United nakuSuperSport United kumasizini amabili adlule, wamangaza abaningi ngobuhlakani anabo phambi kwamapali.
U-Ighodaro uthi uzomelana nomqansa omhlalele yize engasizwa kahle lesinqumo sokubolekiswa.
“Bekunzima kakhulu ukujoyina iqembu. Bengihluleka ukubona isizathu sokujoyina iqembu. Ngizozikhandla ngoba isimo angeke ngisasishintsha. Ngibuye ngikholwe ukuthi ukubolekiswa kuyangiqinisa.
“Kufanele ngizibonakalise eqenjini, lokho akusiyo into engiphatha kabi. Angiyisabi inselelo, ngizozikhandla eqenjini. AmaZulu ayiqembu elihle, ngikubheke ngabomvu ukudlulisa ulwazi nekhono eqenjini,” kuchaza u-Ighodaro ekhuluma nabezindaba emcimbini wokwethulwa kwabadlali abasha nabaxhasi i-Amandla Mobile.
U-Ighodaro uthi izikhulu zeDowns zimncengile ukuthi ajoyine Usuthu ngoba kunamaqembu aphesheya kwezilwandle azimisele ngaye.
Lomgadli uthi engangena kunoma yiliphi iqembu, ikakhulukazi iSundowns.
“ISundowns ikwazile ukungincengaz yingakho ngiqoke ukujoyina iqembu. Ngiyaqonda ukuthi kuminyene abadlali kwiSundowns. Ngizothatha isinqumo ekuphele kwesizini ngoba kunamaqembu angifunayo phesheya kwezilwandle.
“Ngiyazi ukuthi ngingadlala kunoma yiliphi iqembu, ngiyazethemba kakhulu. Angicabangi ukuthi angibizwa kwiSundowns ngoba ngishaya udaka. Kunezingqinamba ezingivimbile, iSundowns inezinhlelo zayo. Ngiyafisa ukuyidlalela iSundowns kodwa lokho akukho emandleni ami. Ngizodlala lapho engibolekiswa khona, angeke ngikhononde,” kubeka u-Ighodaro.
Inkontileka ka-Ighodaro kwiDowns izophela ngomhlaka 30 Juni ngonyaka ka-2025.