Isikhulu esiphezulu seSuperSport United uStan Matthews sesizwakalise ukungenami ngokudliwa amandla yiMamelodi Sundowns esithatha ngisho abadlali baka under-13 kuMatsatsantsa a Pitori.

UMatthews uveze lokhu ekhuluma nabezindaba izolo kulandela ukwethulwa kwejezi elisha nabaxhasi abasha i-ACDC Express eMultiChoice City ngoLwesibili.

Kule makethe yokuhwebelana ngabadlali iSundowns isayinise uKeagen Johannes kwiSSU, uzobanga izeji noKhuliso Mudau kanye noZuko Mdunyelwa.

ISSU iphendule ngokusayinisa umdlali weSundowns obesebolekiswa njalo uNyiko Mobbie, yaphinde yaboleka unozinti obeyingxenye yeqembu ngesizini edlule uRicardo Goss. Eminyakeni edlule iSundowns icaphune uSipho Mbule, Tebogo Mokoena, Ronwen Williams noGrant Kekana kwiSuperSport. Sekuqala ukuzwela kuMatthews.

“ISundowns ithathe abadlali abawu-9 kwinkulisa yethu ka under-13 kulo nyaka. Uma ningibuza ukuthi bunjani ke ubudlelwano bami neSundowns…uma nicabanga ngabe ngijabule ngokuhamba kwabadlali bami baka under 13?” kubuza yena.

“Bangincisha ithuba lokukhiqiza abanye abangafana noWilliams, Mokotjo, Erasmus noCampbell.

“Bangincisha ithuba ngoba bathi sizoba khiqiza kanjani labo badlali bethenga u-under 13 wethu. Asinathuba lokugcina abadlali uma kufika iqembu libanikeze imali ephindwe ka-300.”

UMatthews uthe akazisoli nakancane nokho ngokudayisela iSundowns, ngoba ngisho kuvela elinye iqembu lifune ukumnikeza imali efanayo ngoKeagan Johannes, ubengayithatha.