Umqeqeshi weManchester United uRuben Amorim ushayele abadlali bakhe ihlombe ngendlela abadlale ngayo bebhekene ne-Arsenal kowePremier League noma begcine bedliwe ngo 1-0.
I-Arsenal inqobe umdlalo wayizolo ngegoli elivalelwe wuRiccardo Calafiori ngomzuzu ka-13 esiwombeni sokuqala, kodwa abaningi bebengawuvali umlomo ngendlela i-United edlale ngayo kowokuqala kwiligi e-Old Trafford.
Ngaphambi kokuqala kwesizni u-Amorim uqinise ezakhe ngokusayinisa uBryan Mbeumo, Matheus Cunha noBenjamin Sesko.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali bani. Bakgimbise isibindi kukho konke abebekwenza kulo mdlalo,” kusho u-Amorim.
“Ngiyababongela ngendlela abadlale ngayo futhi ngokubona kwami bekungasifanele ukudliwa kodwa ke sizoqhubekela phambili, silungiselele umdlalo olandelayo.”
U-Amorim uqhube wathi indlela abadlale ngayo ikhombisile ukuthi bengashaya noma yiliphi iqembu kwiPremier League.
I-United empeleni idliselwe wunozinti izolo ehluleka ukuvimba ibhola elilula kwi-corner kick, umdlali we-Arsenal walingqofela phakathi eselayinini.
Ngemuva komdlalo wayizolo kulindeleke ukuthi abaphathi be-United bathengele u-Amorim unozinti omusha.