Umqeqeshi weRichards Bay FC uRonnie Gabriel uthi uzokhumbuza abadlali ngomuzwa abawuthola ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs ngesizini edlule njengendlela yokubafakela ugqozi ngaphambi kokubhekana naMakhosi.
IBay neChiefs bazotholana phezulu eFNB Stadium kusasa ngo 19:30.
“Ukubhekana neChiefs ekuhambeni kuyohlale kuwumdlalo onzima. Umdlalo omkhulu, futhi kuzofanele siwulungiselele kahle,” kusho uGabriel.
“Ngicabanga ukuthi kufanele sibuke indlela esadlala ngayo ngesizini edlule sibhekene neChiefs, kufanele sibuyile lowo muzwa, sikholwe wukuthi singayishaya iChiefs.
“Ngicabanga ukuthi emdlalweni wokugcina iChiefs sayishaya ekhaya layo. Kuzofanele sibuyele kwindlela esasicabanga ngayo ngaleso sikhathi sibheke ukubuya nomphumela ofanayo.”
IBay izobe izama ukuqoqa amaphuzu okokuqala kule sizini ngemuva kokuthola induku emdlalweni emibili yokuqala kwesizini.
Ngemuva kwalo mdlalo, izobhekana neChippa United ngo-August 26 okungenzeka kube wumdlalo wokuqala ozodlalelwa eMhlathuze.