Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi umgqigqo weqembu uphazamisekile kule sizini ngenxa yemibiko ngabadlali okuthiwa bazojoyina amanye amaqembu.
UCardoso uzwakalise ukukhathazeka ngalento ngemuva kokubuka ezakhe ziginqa AmaZulu FC ngo 2-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili eLoftus Versfeld.
Njengamanje iSundowns idlala ngaphandle kukaKhuliso Mudau noLucas Ribeiro Costa. Ngaphandle kwabo, kuke kwavela nemibiko yokuthi kunamaqembu angaphandle agaqele ukusayiniswa uPeter Shalulile.
UShalulile usebuyile ebhentshini leSundowns kodwa uMudau no Costa ababonwa.
“Akukho lula ukubhekana nesimo esifana nalesi ngaphandle kokuphazamiseka kwabadlali,” kusho uCardoso ebuzwa ngalesi simo.
“Akufanele sizitshele ukuthi abadlali abazazi lezi zinto ezikhulunywayo. Bayakwazi ngoba bangabangani nabadlali okukhulunywa ngabo. Kodwa ke bazimisele ngokuqina ukhakhayi baqinisekisa ukuthi sizama ukuwina wonke umdlali noma sibhekene nalesi simo.”
2️⃣ Goals, unstoppable energy.
— Mamelodi Sundowns FC (@Masandawana) August 13, 2025
Masandawana made our first home game of the #BetwayPrem count! ⚡#Sundowns #AreyengMasandawana pic.twitter.com/Lj7FOM0NFI
Lo mqeqeshi uqhube waveza ukuthi kunzima njengoba engekho uMudau, ngokunjalo noThapelo Morena okwazi ukubala isikhala sakhe, kodwa uthe unethemba lokuthi bobabili bazokwazi ukudlala maduze.