Abaphathi beCape Town Spurs sebekhombise ukuthi ibakhube ngempela emoyeni indaba abebeyibanga neKaizer Chiefs njengoba isinqume ukuthi isizokhokhisa abazali uma ibakhulisela abadlali kwi-academy.
ISpurs sekunesikhathi ilokhe ikhipha izitatimende ngodaba ‘lokudlelwa’ abadlali ngemuva kwesinqumo somxazululi weSAFA othe iChiefs ingamsayinisa uLuke Baartman no-Asanele Velebayi.
Kubalulekile ukucacisa ukuthi akuhambanga uVelebayi noBaartman kuphela kwiSpurs, bakhona nabanye abajoyine amanye amaqembu ePSL, kodwa abaphathi baleli qembu laseKapa baphuma iqhuzu naMakhosi, ngoba kuzona zonke izitatimende bakhala ngoVelebayi noBaartman kakhulu.
NgoMgqibelo iSpurs ikhiphe lesi sitatimende:
“Ngemuva kwesinqumo sikamxazululi u-Adv Hilton Epstein, sokuthi uVelebayi noBaartman bangama-free agents, sibone kunamaphutha amaningi. Lento yokuba yinkulisa yamahhala ngeke isasisiza. Kuphelile ngakho.
“ICape Town Spurs isibheka izindlela zokuziphilisa, ngokubheka izindlela zokuthi i-academy yenze imali. Kusukela manje i-academy isizosebenza ngemali ezokhokhwa abazali babadlali, ama-agents, kanye nabaxhasi abazimele babadlali.
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi inkulisa ihlala isikhathi eside ingawi, uqhubeke umsebenzi ewenzayo.”
Kuzokhumbuleka ukuthi kunomlando phakathi kweChiefs neSpurs ngoVelebayi. Ngaphambi kokuqala kwesizini edlule abaphathi beSpurs bagolozela iChiefs ngesikhathi ifuna uVelebayi. Ngokwemibiko, iChiefs yashela ngoR4 million nesethembiso sokuboleka iSpurs abadlali ababili ababezoyisiza kwiMotsepe Foundation Championship. Yabachizela.
Kuphethe ngokuthi iSpurs idliwe yizembe, yabe ama-amesha, okusho ukuthi abadlali bayo sebengajoyina amanye amaqembu adlala ibhola elikhokhelayo.
Ayiliboni iphutha layo nokho iSpurs, kunalokho ithi kuzojeza abadlali. Kodwa empeleni iyakhohlwa wukuthi kuzolimala yona uma labo bazali sebekhetha amanye ama-academy eKapa. Kuzokhumbuleka ukuthi kukhona iCape Town City FC, nayo ene-academy enhle, futhi isadlala kwiPSL njengoba igijima kwi-NFD.
Abanye abazali ngeke bakunqene nokuthi izingane zabo zizame inhlanhla kwiStellenbosch FC egijima kwiBetway Premiership futhi esizakhela udumo ngokukhiqiza abadlali abasezingeni.