Sphamandla Gumede
Ubonga ithuba lokusebenzisana nosaziwayo umthwebuli wezithombe wase-Eastern Cape u-Anda-Kwamnandi Mbadi, olokhu ekhule ngamandla endimeni kaqedisizungu.
UMbadi (25) ongowokudabuka eMthatha kodwa osezinze eThekwini ngomsebenzi, uthi waqala ukushutha izithombe esafunda emabangeni aphezulu eskole.
“Bengithanda kakhulu ukubuka amabhuku. Bengichazwa ubuhle bezithombe nokuhleleka kwazo. Kwakungajwayelekile ukubona izithombe ezinhle ngoba besishutha ngamafoni ayesebenzisa iVGA. Ngacela umama ukuba angithengele isithwebulo njengesipho sami sokuzalwa,” kuchaza uMbadi.
UMbadi usungule inkampani yezikaqedisizungu iLivecalm Africa ngokuhlanganyela nabangani bakhe ngemuva kokuthola isithwebulo. UMbadi uthi iLivecalm Africa isebenza ekusingatheni imicimbi yezobuciko, ezokuthwebula, umculo, ukuhlelwa kwemicimbi nokusingatha izindaba zabaculi.
UMbadi usebenze nosaziwayo bakuleli nabaphesheya, waphinde wasebenzisana nezinkampani ezinkulu zakuleli. Phakathi kosaziwayo asesebenze emcimbini yabo kukhona uBig Zulu, Moozlie, OkMalumkoolkat, AKA, 2Chainz, DJ LeSoul, Migos noRick Ross.
“Ngibe nethuba lokusebenzisana nezinkampani ezinkuli ezifana ne-Aromat, Nandos, KIA, Knorrox neSMG-BMW. Ukuthwebula izithombe kungivulele amathuba amaningi okuthi ngibone izindawo ezisezingeni eliphezulu,” kuphetha uMbadi.