IKaizer Chiefs izolo iphothule imidlalo yokulungiselela isizini ka-2025/26 ngomdlalo neFC Twente. Sihlaziya izinto ezinhlanu esizifunde ngaMakhosi eNetherlands.
Asiyizwa kahle ingoma kaFlavio Silva
Umgadli omusha weKaizer Chiefs uFlavio Silva (29) kuzofanele asheshe ajwayele ukudlala nozakwabo abasha, futhi azi nokuthi udlalela iqembu elizodinga ukuthi akwazi ukubamba ibhola phambili, adlalise abadlali abagijima ophondweni. Lo mgadli ulibhimbi kwi-first touch, asazi noma usanegwababa noma usajwayela isivinini seChiefs uma iya phambili, kodwa ugqinsi kwe-first touch ngeke lusebenze kwiBetway Premiership. Kufanele ube yinono uma udlala phambili, noma ume ungelona ke kufanele ukhombise ukuthi inethi uzoyigqilaza, okuyinto engikholwa ukuthi usazoyenza umfo kaSilva, kodwa kusho ukuthi kuzofanele afakelwe o’hlaba udle’ ebhokisini.
Iyalithinta uma isuka emuva iChiefs, kodwa kudingeka umphumela phambili
Enye yezinkinga zeChiefs kumasizini adlule ukungakori amagoli anele. Kusukela ku-Gavin Hunt, kuya kuNseki, Arthur Zwane, manje sekuwuNabi, kunenkinga yendlala yamagoli kuMakhosi. Emdlalweni emningi ngaphansi kwabaqeqeshi ababaliwe bekuthi uma kuphela umdlalo bonke bathi ‘bekufanele sinqobe ngamagoli amathathu noma amane’ – uZwane kweminye imidlalo wayezi ethi ‘bekufanele sihlohle amagoli amahlanu la’ lapho iChiefs ingakoranga nelilodwa. Ibhekane nenkinga efanayo nakuNabi ocele ukuthengelwa umgadli ongalibheki ipali.
Engizama ukukusho lapha wukuthi iChiefs iyiqembu elingekho libi uma kukhulunywa ngohlobo lwebhola elidlayo, kodwa inkinga ivame ukuba phambili. Kwimidlalo yaseNetherlands ibilithunga kahle ibhola futhi ikhombisa ukuzethemba, kodwa uma isisondela ngasebhokisini lezitha kuvele kuvuke ukuthithiza okungaqondakali.
Esiswini uNabi kucacile uzoba nenkinga ‘enhle’ ngabadlali azobakhetha ukuthi badlale ngoba kubuke ezimisele ngokusebenzisa uNkosingiphile Ngcobo, Thabo Cele, Ethan Chislett, noSibongiseni Mthethwa. Ngaphezu kwabo kusakhona uSamkelo Zwane, George Motlou noSiphesihle Ndlovu. Kungase kucace kwiToyota Cup ukuthi iyiphi icombination afisa ukuyisebenzisa.
Abadlali abakafiki ezingeni elifanele uma kukhulunywa nge-fitness
Abadlali abaningi baMakhosi basaqinisa izinga le-fitness, okuyinto ebilindelekile ngoba kade behlabe ikhefu, baziqeqesha isonto elilodwa eKaizer Chiefs Village ngaphambi kokuya eNetherlands. Noma kunjalo, kuqaphelekile ukuthi kunabadlali abasadinga ukunciphisa umzimba, esingabala kubo uNkanyiso Shinga, obukeka ezimukile kancane uma eqhathaniswa nabanye abadlali, kanti abanye babukeka benezinga eliphansi le-stamina, lapho sibala uNkosingiphile Ngcobo obukeka engakakulungeli ukudlala umdlalo ophelele ezingeni eliphezulu.
IFitness izobaluleka kubadlali beChiefs ngoba njengoba kwaziwa kuyagijinywa kwiBetway Premiership, kanti namaqhinga asetshenziswa wuNasreddine Nabi adinga abadlali abanomoya.
Asisekho isidingo sikaSolomons emabhukwini eChiefs
Angiyena umuntu ogqugquzela ukuxoshwa kwabadlali noma abaqeqeshi, kodwa akudlalwa la, kuyingxenye yakho ibhola ukuthi kudayiswe abadlali. Ngokubona kwami uDillan Solomons akekho ezingeni elifanele ukudlalela iChiefs. Uwumdlali nje okwazi ukugijima, kodwa akukho lutho okunye akwazi ukukwenza enkundleni.
Akakwazi ukuvala thaqa emuva, akangeni ngamandla kuma-challenge futhi uma ehlasela akavamile ukushaya i-cross eyingozi, isikhathi esiningi ngathi ushaya ibhola ngethemba lokuthi kukhona elizomthola. Ngeke ngimgxeke nge-own goal ayishaya kumdlalo neVitesse ngoba kuyingxenye yomdlalo, kodwa umbuzo enginawo nje wukuthi ukhule kuphi selokhu efikile kwiChiefs uSolomons ngoba usanhlanhlatha ngendlela efanayo nangesikhathi esadlala kwiSwallows FC.
Kufanele ifakelwe izibuko eyonozinti

Onozinti beKaizer Chiefs abadlalanga kabi kakhulu uma sikhuluma iqiniso, kodwa bededele amagoli awu-9 emdlalweni ewu-4 okuyirekhodi elingekho kude kwirekhodi labo langesizini edlule kwiBetway Premiership. IChiefs ngesizini edlule ingenise amagoli awu-32 emdlalweni ewu-28, okuyirekhodi elingekho lihle neze eqenjini elikhulu. Lokho kufana nokuthi iChiefs ibidedela igoli njalo uma idlala, okuyinto okuzofanele iyilungise ngesizini ezayo.
Ukungena kwamagoli ke siyazi akuyona inkinga yonozinti kuphela, kodwa nabadlali abaphambi kwabo, okusho ukuthi Amakhosi kufanele anqume ngokuthi ayamthenga yini unozinti omusha, bese elungisa nodonga lwasemuva. Okwamanje iChiefs isaqinise ngokuthenga ama-full back, ayikathengi mdlali oyibamba ku-centre back mhlawumbe ngoba kukhushulwe u-Aiden McCarthy obukeka engene khaxa odongweni lweqembu elikhulu.