Umhleli weGibela Sport, uMcebo Mpungose, ukhetha abadlali abawu-11 abashaye into ecokeme kwiDStv Premiership kule sizini.
Kule sizini baningi abadlali abakhombise izinga eliphezulu kwuDStv Premiership, kusukela kwabadlala phambili kuya emuva.
Goalkeeper
Ezintini ayixoxisi kakhulu, ngihamba noRonwen Williams . Lo mdlali ufike waqinisa indlela iMamelodi Sundowns edlala ngayo uma isusa ibhola emuva futhi usenza umsebenzi oncomekayo nakuma-saves. UWilliams izolo ungene ohlwini lwabasethubeni lokuwina iPSL Footballer of the Season nePSL Goalkeepeer of the Season.
Defeders
KuRB ngikhetha uKhuliso Mudau (Mamelodi Sundowns), kuLeft Back ngingafaka uPaseko Mako (omunye umdlali ebengingamfaka yikhehla uBhasera, kodwa uMako ufike kuma-final amabili nePirates kule sizini).
Izitobha ngikhetha uGiven Msimango (TS Galaxy) noGrant Kekana (Mamelodi Sundowns). Abanye abadlali ebengibacabanga wu-Edmilson Dove noNkosinathi Sibisi.
Midfielders
Umdlali wokuqala engimkhethile esiswini wuTebogo Mokoena ofike wadlala ingcwenga yebhola kwiMamelodi Sundowns. Ngikhetha noMiguel Timm (Orlando Pirates), noThemba Zwane (Mamelodi Sundowns).
Forwards
Phambili ngicabanga ukuthi ayixoxisi kakhulu nayo, ngiqoke uPeter Shalulile (Mamelodi Sundowns, Khanyisa Mayo (Cape Town City FC) noMonnapule Saleng (Orlando Pirates).
