Ngemuva kokusayinisa umdlali weBafana Bafana uMbekezeli Mbokazi, kubikwa ukuthi iChicago Fire isiqale izingxoxo nomgadli weFC Barcelona uRobert Lewandowski ngokumsayinisa.

IChicago Fire imatasa ilungiselela isizini yango-2026 kanti sekuvele ukuthi izimisele ngokusayinisa uLewandowski (37) okulindeleke ukuthi kube yisizini yakhe yokugcina edlalela iBarcelona.

Noma emataniswa neqembu elidlala kwiMLS, uLewandowski usayidabula inethi kwiLaLiga. Kule sizini unamanqaku awu-8 emdlalweni ewu-12, nama-assist amabili.

Sekunezinyanga kubikwa ukuthi iBarcelona isiqalile ukuthungatha umgadli ozovala indawo yakhe ngesizini ezayo.

Ngokombiko weBBC Sport, iChicago Fire ibe nezingxoxo ezithembisayo noLewandoski njengoba naye eselungiselela impilo entsha.

Inkontileka kaLewandowski iyaphela ekupheleni kwesizini.

Okunye okuzoqinisa izinkomba zokuthi lo mdlali ubheke eChicago wukuthi umfazi wakhe u-Anna ubonakale kuleli dolobha ngenyanga edlule. NeFire kuthiwa isifake uLewandowski ohlwini olubizwa nge ‘discovery list’ – okusho ukuthi iyona kuphela enegunya lokuxoxisana naye kwiMLS, amanye amaqembu kuzofanele ayikhokhele imali ukuze ezokwazi ukuthola ithuba lokumeshela.