Ukapteni wamaSpringboks uSiya Kolisi uthi izwekazi i-Africa lizokweseka amaBoks uma esetholana neNew Zealand emdlalweni wamanqamu weNdebe yoMhlaba ozobanjelwa eStade de France ngoMgqibelo. 

AmaBoks aphunyuke ngembobo yenaliti emdlalweni we-semifinal eshaya i-England ngo 16-15 ngempelasonto. 

Leliqembu eliholwa uJacques Nienaber lishaye udaka kulomdlalo obudlalwa enkundleni eshelelayo ngenxa yemvula. 

UKolisi uthi kuyabagqugquzela ukwesekwa abakuthole kubalandeli beqembu njengoba sebefinyelele kowamanqamu.

“Siyakujabulela ukwesekwa abalandeli. Siyabona ngisho masihleli ehhotela. Abaxhasi bajwayele ukusikhombisa ama-video aveza indlela esesekwa ngayo ekhaya. Siyazi ukuthi i-Africa yonkana iyaseseka. 

Abalandeli bayasitshela ngendlela abazizwa ngayo. Angicabangi ukuthi kukhona izwe elinabantu abancamela ukuyobukela iqembu labo kwinxanxathela yezitolo. 

Iqembu ligqugquzelwa yilokho. Kuyisipesheli ngoba simele i-Africa yonkana. Kuzonqoba i-Africa yonkana uma sikwazi ukuhlula iNew Zealand. Siyayibonga indlela esesekwa ngayo,” kuchaza uKolisi esekhuluma nabezindaba. 

UKolisi uvumile ukuthi babhacazile bebhekene ne-England kodwa uchazwe indlela ababuye ngayo kulomdlalo. 

“I-England iyiqembu elisezingeni, umehluko uyabonakala uma uqhathanisa neqembu langonyaka odlule. Bafike nesitayela esihlukile kulomdlalo, sithwale kanzima ukubavimba. 

Kuyenzeka izinto zingahambi ngokohlelo. Ngijabuliswa ukuthi sikwazile ukunqoba umdlalo ekugcineni. 

Siyabonga ukuthi sizokwazi ukuvikela indebe. Amaqembu amaningi abezohluleka ukunqoba umdlalo obusinda ngalendlela,” kuchaza uKolisi. 

Kuzobe kuyihlandla lesithathu amaBoks ebhekana nama-All Blacks kulesizini. 

INew Zealand yanqoba ngo 35-20 e-Auckland emdlalweni weRugby Championship. AmaBoks aqopha umlando ebhudluza i-All Blacks ngo 35-7 emdlalweni wokulungiselela iNdebe yoMhlaba.